FAQ - isiZulu

3 • Uma uyilungu elihlomulayo leKganya Benefits Fund Trust, uzothola inkontileka yomshwalense wePukwana ya Kganya ukuze uhlinzekele ngemihlomulo enomshwalense owathengwa yiKganya Benefits Fund Trust. • Inkontileka yomshwalense iPukwana ya Kganya inemishwalense emibili ehlinzekwa njengengxenye yobulungu bakho beKganya Benefits Fund Trust: o iPukwana ya Kganya Funeral Policy yemihlomulo yomngcwabo; kanye o nePukwana ya Kganya Dread Disease and Personal Accident Policy yezifo ezesabekayo kanye nezinzuzo zezingozi ezingehlela umuntu. • Imihlomulo etholwe ngokwenkontileka yomshuwalense iPukwana ya Kganya iyafana nezinzuzo ezifakwe kumshuwalense owuthola njengamanje ngeKganya Benefits Fund Trust. Ithini iThari yaBaruti Pukwana ya Kganya Contract? • I Thari yaBaruti Pukwana ya Kganya inkontileka yomshwalense engaphansi kweSanlam Developing Markets Limited. • Uma uyisikhulu sebandla le-ZCC futhi uyilungu elihlomulayo leKganya Benefits Fund Trust, uzothola inkontileka yomshwalense we-Thari ya Baruti Pukwana ya Kganya ukuze uhlinzekwe izinzuzo ezibandakanyiwe kumshwalense ezazithengwa yi-Kganya Benefits Fund Trust. • Inkontileka yomshwalense we-Thari ya Baruti Pukwana ya Kganya inemishwalense emibili ehlinzekwa njengengxenye yobulungu bakho beKganya Benefits Fund Trust: o i-Thari ya Baruti Pukwana yeKganya Funeral Policy yezinzuzo zomngcwabo; futhi o i-Thari ya Baruti Pukwana ye-Kganya Dread Disease and Personal Accident Policy yezifo ezesabekayo kanye nezinzuzo zezingozi ezingenzeka kumuntu siqu. • Izinzuzo ezitholwe ngokwenkontileka yomshwalense i-Thari ya Baruti Pukwana ya Kganya ziyafana nezinzuzo ezifakwe kumshwalense ozithola njengamanje ngeKganya Benefits Fund Trust. Obani abakwaSanlam? • Abakwa-Sanlam abahlinzeki ngezomshwalense wempilo abagunyaziwe ngokoMthetho Wezomshuwalense, we-18 wezi-2017 (Insurance Act, 18 of 2017), umhlinzeki wezinsizakalo zezezimali ogunyaziwe onenombolo ye-FSP 11230 futhi umhlinzeki ngezomshwalense abazohlinzeka abahlomuli abangamalungu ngemihlomulo yezomshwalense ngokwenkontileka yomshwalense iPukwana ya Kganya nenkontileka yomshuwalense iThari ya Baruti ya Kganya. Ingabe uSanlam uzonginika kanjani amapholisi omshuwalense njengelungu elingumhlomuli? • USanlam wenze isithembiso kubo bonke abahlomuli abangamalungu ukuthi bangene kwinkontileka yomshwalense we-Pukwana ya Kganya kanye nenkontileka yomshwalense we- Thari ya Baruti Pukwana ya Kganya. • Asikho isinyathelo esidingekayo kuwe njengomzuzi oyilungu ukuze wamukele inkontileka yomshwalense we-Pukwana ya Kganya noma inkontileka yomshwalense we- Thari ya Baruti Pukwana ya Kganya, kodwa kufanele uqhubeke ukhokha izinkokhelo zakho zobulungu . • Uma uqhubeka nokukhokha izinkokhelo zakho zobulungu, futhi ungaphikisani neSicelo Sasenkantolo ngokwezinguquko ubulungu obuzokwamukelwa ngazo, kuzothathwa ngokuthi usamukele isimemo senkontileka yomshuwalense iPukwana ya Kganya kanye nenkontileka yomshuwalensi wePukwana ya Kganya.

RkJQdWJsaXNoZXIy MTI4MTE=