FAQ - isiZulu

2 § ilungelo elinikezwe ngokumelene neKganya Benefits Fund Trust lokukhokha amaphrimiyamu; futhi § ilungelo ngokumelene noSanlam ngokwenkontileka yomshwalense we- Pukwana ya Kganya noma inkontileka yomshwalense i-Thari ya Baruti Pukwana ya Kganya yezinzuzo ezibandakanywe kumshwalense. o Njengelungu elingumhlomuli, ungaqiniseka ukuthi iKganya Benefits Fund Trust izokhokha amaphrimiyamu kwaSanlam inqobo nje uma ukhokha izinkokhelo zakho zobulungu zanyanga zonke kuKganya Benefits Fund Trust. Okufanele ukuqaphele: Uma ungawukhokhi umnikelo wakho wobulungu kwiKganya Benefits Fund Trust, iKganya Benefits Fund Trust ngeke ikhokhe amaphrimiyamu ngokwenkontileka yakho yePukwana ya Kganya kwaSanlam futhi izinzuzo zakho zomshwalense ezibalulekile zingase ziphucwe . o Ngokuthola inkontileka yomshwalense iPukwana ya Kganya, noma inkontileka yomshwalense iThari ya Baruti Pukwana ya Kganya, uma uzofaka isicelo sanoma yimiphi yemihlomulo yomshuwalense, kumele ufake isicelo kwabakwaSanlam. Isicelo sakho nokho sizoba ngesifanelekile kuphela uma uhlangabezana nemigomo nemibandela yenkontileka yomshwalense iPukwana ya Kganya noma inkontileka yomshwalense iThari ya Baruti Pukwana ya Kganya. Lokhu kudinga, phakathi kwezinye izinto, ukuthi kube kanti ubukhokha zonke izinkokhelo zakho zobulungu zanyangazonke kuKganya Benefits Fund Trust. o AbeKganya Insurance Administrators (RF) Proprietary Limited bazoqhubeka nokungamela imihlomulo ebandakanyiwe kumshwalense. Lokhu kusho ukuthi ngeke kube namehluko endleleni ezisingathwa ngayo izicelo zokukhokhelwa kwemihlomulo yomshwalense. • Izinguquko ebulungwini bakho ngokwezinzuzo ezingabandakanyiwe kumshwalense zimi kanje: o IKganya Benefits Fund Trust, kusukela ezinkokhelweni zakho zobulungu zanyanga zonke, izokwenza umnikelo kwabe-ZCC egameni lakho njengomhlomuli oyilungu. o IKganya Benefits Fund Trust izoqhubeka nokuhlinzeka kanye/noma ukufuna ukufinyelela emihlomulweni engabandakanyiwe kumshwalense, okuyimihlomulo yeLeeto la Moria, imihlomulo yosizo lapho ungqwamana nezinkinga usemgqaweni kanjalo nemihlomulo yokuphathwa komngcwabo nemihlomulo yokuhlolwa kwempilo (kulabo abangamalungu ekomidi lebandla abangamalungu angabahlomuli) ngendlela efanayo . Ingabe kufanele ngiqhubeke ngikhokhela iminikelo yami yobulungu? Ingabe iminikelo yami yobulungu izoshintsha? • Njengelungu le-Trust, kufanele uqhubeke nokukhokha izinkokhelo zakho zobulungu zanyanga zonke emagatsheni ahlukahlukene eBandla. Njengoba bekuyinqubo kuze kube manje, uzonikezwa irisidi lapho ukhokha izinkokhelo zakho zobulungu zanyanga zonke. • Amakomiti ebandla azofaka imali yezinkokhelo zobulungu ku-akhawunti yasebhange egameni leKganya Benefits Fund Trust. • Ngokukhokha izinkokhelo zakho zobulungu zanyanga zonke, uqinisekisa ubulungu bakho kuKganya Benefits Fund Trust njengelungu elingumhlomuli. • Sicela uqaphele ukuthi izinkokhelo zakho zobulungu zanyanga zonke zizohlala zinjalo futhi ngeke zishintshe noma zithinteke ngenxa yezinguquko. Iyini inkontileka yomshwalense iPukwana ya Kganya? • Inkontileka yomshwalense iPukwana ya Kganya ipholisi yomshwalense engaphansi kweSanlam Developing Markets Limited.

RkJQdWJsaXNoZXIy MTI4MTE=