FAQ - isiZulu

6 Ungalutholaphi ulwazi olwengeziwe? • Sicela uthinte isikhungo sezingcingo se-KIA kule nombolo 0800 000 538 uma ufuna ulwazi oluthe xaxa mayelana neSicelo Esilethwe Enkantolo, uhlobo kanye nomthelela wezinguquko ezihlongozwayo nemibandela isivumelwano senkontileka iPukwana ya Kganya nesivumelwano senkontileka iThari ya Baruti Pukwana ya Kganya ezokhishwa ngabakwaSanlam. • Ngaphezu kwalokho, sicela uqaphele ukuthi ikhophi yeSicelo Esilethwe Enkantolo, okubandakanya i-trust deed echitshiyelwe, ikhophi yebhukwana lemigomo nemibandela yobulungu, nemigomo nemibandela yenkontileka yomshwalense iPukwana ya Kganya, kuhambisana namanye amadokhumenti abalulekile, nazo zizotholakala ukuze zihlolwe esikhungweni sakwa-KIA sezinsizakalo esiseduze nawe kanye, kusizindalwazi se-KIA lapha www.mykganya.com . Imininingwane yezindawo okutholakala kuzo izikhungo zezinsizakalo zakwa-KIA ingatholakala lapha www.mykganya.com . Yesekwe ngabeZCC • Sicela uqaphele ukuthi umhlonishwa uMbhishobhi uDkt B E Lekganyane: o uyazeseka izinguquko zeKganya Benefits Fund Trust kanye nezimiso zeKganya Benefits Fund Trust; futhi o ugunyaza ngokugcwele abakwaSanlam njengabeseki bemihlomulo yomshwalense owenza isicelo kuwena ngokuhambisana nemigomo yesivumelwano senkontileka iPukwana ya Kganya nesivumelwano senkontileka iThari ya Baruti Pukwana ya Kganya. • Wonke amalungu angabahlomuli angakhululeka bazi azi ukuthi imihlomulo njengamanje abayikezwa yiKganya Benefits Fund Trust izohlala ivikelekile.

RkJQdWJsaXNoZXIy MTI4MTE=