FAQ - isiZulu

5 • Uma iNkantolo Ephakeme isigunyaza Isicelo Esilethwe Enkantolo, izinguquko zizoqala ukusebenza kusukela mhla lu-1 kuJanuwari 2023 (" Usuku Lokuqala Ukusebenza "). Uma izinguquko ebulungwini ziqala ukusebenza, kuzokwenzekani? • Bonke abahlomuli abangamalungu bazoqhubeka nokuba ngamalungu eKganya Benefits Fund Trust. • Onke amalungu angabahlomuli azothola inkontileka yomshwalense iPukwana ya Kganya noma isivumelwano senkontileka iThari ya Baruti ya Kganya ezohlinzeka ngemihlomulo ebandakanyiwe kumshuwalense, ohlinzekwa ngabakaSanlam. • Bonke abahlomuli abangamalungu kufanele baqhubeke nokukhokha izinkokhelo zabo zobulungu. • IKganya Benefits Fund Trust, ezinkokhelweni zobulungu – o ikhokhe amaphrimiyamu akwaSanlam njengokwesivumelwano senkontileka yomshwalense iPukwana ya Kganya awo wonke amalungu angabahlomuli asekhokhile izinkokhelo zawo zobulungu; o yenze umnikelo e-ZCC; o ihlinzeke kanye/noma ithole imihlomulo yeLeeto la Moria, imihlomulo yokusizwa lapho uba nezinkinga usemgaqweni, imihlomulo yokuphathwa komngcwabo nemihlomulo yokuhlolwa kwempilo (kulabo abangamalungu ekomidi lebandla abangamalungu angabahlomuli); kanye o nokunikeza ukufinyelela eminye imihlomulo engadaluliwe kanye nemihlomulo yokuthuthukiswa kwamalungu eKganya Benefits Fund Trust kanye neBandla leZCC. Ingabe incwajana yakho yobulungu izoshintsha ngenxa yezinguquko? • Uma iNkantolo ePhakeme isigunyaza Isicelo Sasenkantolo, uzothola incwajana entsha yemigomo nemibandela yobulungu ekhuluma ngamalungelo akho obulungu futhi njengobufakazi bobulungu bakho kuKganya Benefits Fund Trust. Ibhukwana lakho lemigomo nemibandela yobulungu elisha lizoqala ukusebenza kusukela ngomhlaka 1 Januwari 2023. • Ibhukwana elisha lemigomo nemibandela yobulungu lizothatha indawo yayo yonke imigomo nemibandela yobulungu beKganya Benefits Fund Trust kusukela ngoSuku Lokuqala Lokusebenza. • Ibhukwana elisha lemigomo nemibandela yobulungu lizonikezwa mahhala kubo bonke abahlomuli abakhona abangamalunga . • Ungalilahli ibhuku lakho lobulungu ovele unalo njengoba lizoqhubeka nokusetshenziswa njengencwajana enamarisidi okukhokha lapho kuzorekhodwa khona wonke amarisidi. Incwadi yakho yobulungu ovele unayo izohlala isebenza maqondana nemininingwane equkethwe kuFomu le-MPP kanye/noma Ifomu le-AMPP; imininingwane yanoma yimaphi Amarisidi eLeeto la Moria; nemininingwane yanoma yiziphi izingane ezingabondliwa. • Lapho ibhuku lakho lobulungu elikhona seligcwele, noma lilahlekile, ibhukwana elisha lamarisidi ezinkokhelo lizohlinzekwa lapho kwenziwe inkokhelo yenani elivamile. • Lokhu kusho ukuthi, kusukela ngomhlaka 1 Januwari 2023 uzoba namabhukwana amabili, nokuyilawa,– o ibhukwana lemigomo nemibandela yobulungu obusha; kanye o nebhukwana lakho yobulungu elivele likhona, elizoqhubeka nokusetshenziswa njengencwajana enamarisidi okukhokha kuze kube yileso sikhathi lapho udinga ibhukwana elisha noma ibhukwana lamarisidi ezinkokhelo.

RkJQdWJsaXNoZXIy MTI4MTE=