2022 Communications Flyer ZU

• I-Trust, ngakho-ke, ngeke isakwazi ukuhlinzeka kanye/noma ukuthola inikeze imihlomulo ebalwe ngaphansi komshuwalense ngamapholisi eqembu. Noma kunjalo, imihlomulo yakho evele ibandakanyiwe kumshwalense ayilahleki lapho kuqalwa ukusebenza ngezinguquko . • Lapho izinguquko ziqala ukwenziwa, kumele kuqashelwe lokhu okulandelayo: o Njengomhlomuli oyilungu uzothola inkontileka yomshwalense iPukwana ya Kganya, esekwe ngabakwaSanlam (noma iNkontileka yeThari ya Baruti Pukwana ya Kganya uma kungamalungu ekomidi angamalungu angabahlomuli), ngokudidiyelwe okubizwa lapha ngokuthi " isivumelwano senkontileka sePukwana ya Kganya ”, futhi ube umnikazi wepholisi yakwaSanlam ngemihlomulo efanayo eyayibalulwe yi-Trust phambilini ngokwemigomo yezinqubomgomo zeqembu. Imigomo nemibandela yenkontileka yomshuwalense iPukwana ya Kganya kufanele icutshungulwe ngokucophelela njengoba yehlukile emigomweni nemibandela ye-Trust. o Izichibiyelo ezenziwa ku-Trust nezimiso ezenziwa ku-Trust zizoshintsha kuphela indlela abahlomuli abangamalungu abakwazi ngayo ukufinyelela emihlomulweni ebandakanyiwe kumshuwalense, esikhundleni sayo okuzofakwa imihlomulo etholakala nge-Trust i) ilungelo elinikezwe ku-Trust lokukhokha amaphrimiyamu; kanye (ii) nelungelo ngokumelene noSanlam ngokwesivumelwano somshwalense wePukwana ya Kganya semihlomulo ebandakanyiwe kumshuwalense. o Njengelungu elingumhlomuli, ungaqiniseka ukuthi i-Trust izokhokha amaphrimiyamu kwaSanlam inqobo nje uma ukhokha izinkokhelo zakho zobulungu zanyanga zonke ku-Trust. Okufanele ukuqaphele : Uma ungakhokhi izinkokhelo zakho zobulungu kwi-Trust, i-Trust ngeke iwakhokhe amaphrimiyamu ngokwenkontileka yakho yePukwana ya Kganya kwaSanlam futhi imihlomulo yakho yomshuwalense eyigugu ungase uyemukwe. o Ngokuthola inkontileka yomshwalense iPukwana ya Kganya, uma uzofaka isicelo sanoma yimiphi yemihlomulo yomshuwalense, kumele ufake isicelo kwabakwaSanlam. Isicelo sakho sizoba ngesifanelekile kuphela uma uhlangabezana nemigomo nemibandela yenkontileka yomshwalense iPukwana ya Kganya. Lokhu kudinga, phakathi kwezinye izinto, ukuthi kube kanti ubukhokha zonke izinkokhelo zakho zobulungu zanyangazonke ku-Trust. o AbeKganya Insurance Administrators (RF) Proprietary Limited (" KIA ") bazoqhubeka nokungamela imihlomulo ebandakanyiwe kumshwalense. Lokhu kusho ukuthi ngeke kube namehluko endleleni ezisingathwa ngayo izicelo zokukhokhelwa kwemihlomulo yomshwalense. o Sicela wazi ukuthi inkontileka yomshwalense iPukwana ya Kganya izoqukatha amapholisi omshwalense amabili ahlinzekwa njengengxenye yobulungu bakho ku-Trust: - iPukwana ya Kganya Funeral Policy (noma iThari ya Baruti Pukwana ya Kganya Funeral Policy uma kungamalungu ekomidi lebandla angamalungu angabahlomuli) yemihlomulo yomngcwabo; kanye - nePukwana ya Kganya Dread Disease and Personal Accident Policy (noma iThari ya Baruti Pukwana ya Kganya Dread Disease and Personal Accident Policy uma kungamalungu ekomidi lebandla angamalungu angabahlomuli) yezifo ezibucayi kanye nemihlomulo yezingozi kumuntu. Eminye imihlomulo yobulungu ku-Trust lapho kuqalwa ukusebenza kwezinguquko • I-Trust, kusukela ezinkokhelweni zakho zobulungu zanyanga zonke, izokwenza umnikelo ku-ZCC egameni lakho njengomhlomuli oyilungu. • I-Trust izoqhubeka nokuhlinzeka kanye/noma ukufuna ukufinyelela emihlomulweni engabandakanyiwe kumshwalense, okuyimihlomulo yeLeeto la Moria, imihlomulo yosizo lapho ungqwamana nezinkinga usemgqaweni kanjalo nemihlomulo yokuphathwa komngcwabo nemihlomulo yokuhlolwa kwempilo (kulabo abangamalungu ekomidi lebandla abangamalungu angabahlomuli) ngendlela efanayo. Siyini Isicelo Esilethwe Enkantolo? • Isicelo Esilethwe Enkantolo siyinqubo lapho i-Trust izochibiyela ngayo i-trust deed yayo nezimiso ze-Trust ngaphandle kwemvume evela kubahlomuli abangamalungu njengabahlomuli abanikezwe igunya le-Trust, ngemvume yeNkantolo Ephakeme yaseNingizimu Afrika (uPhiko oluseGauteng, ePitoli). INkantolo ePhakeme izophinde ibukisise nesicelo esenziwe ngabakwa-Sanlam ngokuhambisana nesivumelwano senkontileka se-Pukwana ya Kganya, kanye nazo zonke izinto ezihlobene nezinguquko njengoba zibekiwe Esicelweni seNkantolo. • Isicelo Senkantolo sikhishwe eNkantolo Ephakeme yaseNingizimu Afrika (i-Gauteng Division, Pretoria), ngaphansi kwenombolo yecala ethi 62972/2021.

RkJQdWJsaXNoZXIy MTI4MTE=