2022 Communications Flyer ZU

Eminyakeni engaphezu kwamashumi amabili edlule, ngasungula iKganya Benefits Fund Trust (“ Trust ”) ukuze kuhlomule ibandla le-ZCC. Ngaphansi kweso lami i-Trust, esikhathini seminyaka eminingi, yenza abantu bakwazi ukufinyelela imihlomulo ebalulekile kumalungu e-ZCC akhokha imali yawo yobulungu yanyanga zonke futhi ubulungu bawo obumsulwa (“ amalungu angabahlomuli ”). Le mihlomuloo ihlanganisa ukungcwaba okungabizi kakhulu, isifo esibucayi nekhava lapho wehlelwe yingozi (“ imihlomulo ebandakanyiwe kumshwalense ”); kanye neminye imihlomulo ezifana efana nemihlomulo ye-Leeto la Moria, imihlomulo yosizo lapho imoto yakho iba nenkinga emgaqweni imihlomulo yokuhlelwa komngcwabo; nemihlomulo yokuhlolwa kwempilo (kulabo abangamalungu ekomidi lebandla abangamalungu angabahlomuli) (" imihlomulo engafakiwe kumshwalense "). Ngikanye nabanye abengameli be-Trust, bengilokhu ngiqinisekisa ukuthi imisebenzi ye-Trust ithobela ngokugcwele nemithetho efanelekile. Ukuze ihlale ihambisana nemithetho, i-Trust ayinayo enye indlela ngaphandle kokwenza izinguquko ezithile ngenxa yoshintsho emithethweni yomshwalense imithetho enomthelela endleleni esebenza ngayo i-Trust. Ngakho-ke kudingeka ukuchitshiyelwa kwe-Trust, kanye nokuchitshiyelwa kanye/noma ukuchithwa kanye nokushintshwa kwezimiso ze-Trust. Isichibiyelo sizothinta kokubili imihlumolu ekhokhelwayo umshuwalensi kanye nemihlomulo engakhokhelwa umshwalense (ngokudidiyelwe “ izinguquko ”). Le dokhumenti ihlanganisa isaziso sezinguquko ebulungwini bakho ngenxa yezichibiyelo ezinjalo. Amarekhodi ethu abonisa ukuthi uyilungu le-Trust futhi uyafaneleka ukuba yilungu elingumhlomuli. Uma ungelona ilungu le-Trust futhi ungafaneleki njengelungu elihlomulayo, ungasinaki lesi saziso. Njengomunye wabaphathi be-Trust, ngingakuqinisekisa ukuthi kwenziwe yonke imizamo ukuze kuqinisekiswe ukuthi imihlomulo yakho ihlala injalo futhi izintshisekelo zakho njengelungu elihlomulayo zivikelekile futhi ngeke zithikamezwe yizinguquko okumele zenziwe. Ukuze kugunyazwe izinguquko, abaphathi be-Trust bazofaka isicelo eNkantolo eNkulu yaseNingizimu Afrika (uphiko oluse-Gauteng, eTshwane) ngokwesigaba 13 soMthetho Wokulawulwa Kwezakhiwo ze-Trust 57 we-1988 (Trust Property Control Act 57 of 1988) (" Isicelo Esibhekiswe Enkantolo ") ukuze kugunyazwe izinguquko. Ngakho-ke iNkantolo Ephakeme izocubungula ngokucophelela izinguquko, futhi iqinisekise ukuthi izithakaselo zakho njengelungu elihlomulayo zihlala zivikelekile. Injongo yalesi saziso esibalulekile ukuchaza ngokuningiliziwe izinguquko, kanye nomthelela wazo kumalungelo akho obulungu njengelungu eliwumhlomulo. Ubulungu ku-Trust • Uma uyilungu le-Trust, uzohlala uyilungu le-Trust. • Uzofaneleka futhi uqhubeke ukufanelekela ukuba yilungu elihlomulayo, elinelungelo lemihlomulo ye-Trust, inqobo nje uma ukhokha izinkokhelo zakho zanyanga zonke zobulungu. Ukukhokhwa kwezinkokhelo zobulungu • Njengelungu le-Trust, kufanele uqhubeke nokukhokha izinkokhelo zakho zobulungu zanyanga zonke emagatsheni ahlukahlukene eBandla. Njengoba bekuyinqubo kuze kube manje, uzonikezwa irisidi lapho ukhokha izinkokhelo zakho zobulungu zanyanga zonke. • Amakomiti ebandla azofaka imali yezinkokhelo zobulungu ku-akhawunti yasebhange egameni le-Trust. • Ngokukhokha izinkokhelo zakho zobulungu zanyanga zonke, uqinisekisa ubulungu bakho ku-Trust njengelungu elingumhlomuli. • Sicela uqaphele ukuthi izinkokhelo zakho zobulungu zanyanga zonke zizohlala zinjalo futhi ngeke zishintshe noma zithinteke ngenxa yezinguquko. Imihlomulo ebandakanywayo kumshwalense: umngcwabo, isifo esibucayi kanye nekhava yengozi yehlela umuntu • Okwamanje, bonke abahlomuli abangamalungu bebethola imihlomulo yekhava yomngcwabo, isifo esibucayi kanye nemihlomulo yengozi eyehlela umuntu ngokusebenzisa amapholisi ezinhlangano ngokusizwa yi-Trust futhi angaphansi kwe-Sanlam Developing Markets Limited (" Sanlam "). • Noma kunjalo, ngenxa yoshintsho emthethweni wemishuwalensi, I-Trust kanye nabakwa-Sanlam bangase bangasakwazi ukuqhubeka namapholisi ezinhlangano.

RkJQdWJsaXNoZXIy MTI4MTE=