2022 Communications Flyer ZU

• Uma ufuna ukuphikisana izinguquko, ungakwenza lokho ngokufaka isaziso senhloso yokuphikisana neSicelo Esilethwe Enkantolo eNkulu yaseNingizimu Afrika (uphiko oluseGauteng, ePitoli) ngaphambi noma ungakashayi umhlaka 20 Julayi 2022. • Uma ufaka isaziso senhloso yokuphikisana neSicelo Senkantolo, isaziso kufanele futhi sihanjiswe kubameli babafakisicelo, i-Webber Wentzel ethi, 90 Rivonia Road, Sandton, 2196, noma nge-imeyili ebhekiswe ku-Kganya@webberwentzel.com, ukuze ayithole u-Z Swanepoel / D Prinsloo. Esazisweni sakho senhloso yokuphikisa kufanele uqoke ikheli ofuna ukuthola khona iposi lakho futhi uzobe usuthola khona ezinye izaziso kanye nemibhalo esesicelweni seNkantolo, lelo kheli kufanele libe endaweni eyibanga elingamakhilomitha ayi-15 ukusuka enkantolo (“Ikheli”). • Sicela wazi ukuthi uma ufaka isaziso senhloso yokuphikisa ngawo noma ngaphambi komhlaka 20 Julayi 2022, kuzodingeka ukuthi ufake incwadi efungelwe yokuphendula eNkantolo eNkulu yaseNingizimu Afrika (uphiko oluseGauteng, ePitoli) ezinsukwini eziyi-15 (zomsebenzi) zenkantolo emva kwalokho, futhi uhambise ikhophi kubameli babafakisicelo, i-Webber Wentzel Attorneys ngokwemininingwane engenhla. • Isicelo Senkantolo sizolalelwa mhla zi-3 ku-Agasti 2022, noma esimweni lapho uphikisana neSicelo Senkantolo, ngosuku oluyonqunywa iRejistri Yenkantolo Ephakeme. Abameli boMfakisicelo bazokwazisa ngalolu suku (okungukuthi usuku oluzonqunywa iRejistri Yenkantolo Ephakeme) ngokuthumela isaziso sosuku eKhelini. • Uma ungasiphikisi isicelo Senkantolo, akukho odinga ukukwenza . Kwenzekani uma iNkantolo Ephakeme isigunyaza Isicelo Esilethwe enkantolo? Zizoqala nini ukusebenza izinguquko? • Uma iNkantolo Ephakeme isigunyaza Isicelo Esilethwe Enkantolo, izinguquko zizoqala ukusebenza kusukela mhla lu-1 kuJanuwari 2023 (" Usuku Lokuqala Ukusebenza "): • Ngosuku Lokuqala Ukusebenza: o Bonke abahlomuli abangamalungu bazoqhubeka nokuba ngamalungu e-Trust. o Bonke abahlomuli abangamalungu bazothola inkontileka yomshwalense iPukwana ya Kganya ezohlinzeka ngemihlomulo ebandakanywe kumshuwalense. Inkontileka yomshwalense iPukwana ya Kganya izoba ngaphansi kwabakwaSanlam. o Bonke abahlomuli abangamalungu kufanele baqhubeke nokukhokha izinkokhelo zabo zobulungu. o I-Trust izobe, isithatha izinkokhelo zobulungu – - ikhokhe amaphrimiyamu akwaSanlam njengokwesivumelwano senkontileka yomshwalense iPukwana ya Kganya yawo wonke amalungu angabahlomuli asebekhokhile izinkokhelo zabo zobulungu; - yenze umnikelo e-ZCC; - ihlinzeke kanye/noma ithole imihlomulo yeLeeto la Moria, imihlomulo yokusizwa lapho uba nezinkinga usemgaqweni, imihlomulo yokuphathwa komngcwabo nemihlomulo yokuhlolwa kwempilo (kulabo abangamalungu ekomidi lebandla abangamalungu angabahlomuli); kanye - nokunikeza ukufinyelela eminye imihlomulo engadaluliwe kanye nemihlomulo yokuthuthukiswa kwamalungu e-Trust kanye neBandla leZCC. Obani abakwaSanlam? • Abakwa-Sanlam abahlinzeki ngezomshwalense wempilo abagunyaziwe ngokoMthetho Wezomshuwalense, we-18 wezi-2017 (Insurance Act, 18 of 2017), umhlinzeki wezinsizakalo zezezimali ogunyaziwe onenombolo ye-FSP 11230 futhi abahlinzeki ngezomshwalense abazohlinzeka abahlomuli abangamalungu ngemihlomulo yezomshwalense ngokwenkontileka yomshwalense iPukwana ya Kganya. Ngabe abakwaSanlam bazowakhipha kanjani amapholisi emshwalense emisha yomuntu ngamunye eyingxenye yenkontileka yomshwalense iPukwana ya Kganya kubahlomuli abangamalungu? • AbakwaSanlam lapha benza isimemo kuwena njengelungu elihlomulayo sokuba ungene enkontilekeni yomshwalense iPukwana ya Kganya. • Akukho odinga ukukwenza ukuze wamukele inkontileka yomshwalense iPukwana ya Kganya kodwa kufanele uqhubeke nokukhokha izinkokhelo zakho zobulungu. • Uma uqhubeka nokukhokha izinkokhelo zakho zobulungu, futhi ungaphikisani neSicelo Sasenkantolo, kuzothathwa ngokuthi usamukele isimemo senkontileka yomshuwalense iPukwana ya Kganya kanye nenkontileka yomshuwalensi wePukwana ya Kganya kuzoqala ukusebenza Ngosuku Olubekiwe.

RkJQdWJsaXNoZXIy MTI4MTE=