2022 Communications Flyer ZU

• Esicelweni Senkantolo, iNkantolo izocelwa ukuba iyalele ukuthi iSanlam igunyazwe ukukukhiphela ipholisi, futhi iSanlam yenze njalo. Ingabe incwajana yakho yobulungu izoshintsha ngenxa yezinguquko? • Uma iNkantolo ePhakeme isigunyaza Isicelo Sasenkantolo, uzothola incwajana entsha yemigomo nemibandela yobulungu ekhuluma ngamalungelo akho obulungu futhi njengobufakazi bobulungu bakho ku-Trust. Ibhukwana lakho lemigomo nemibandela yobulungu elisha lizoqala ukusebenza kusukela Ngosuku Lokuqaliswa Ukusebenza. • Ibhukwana elisha lemigomo nemibandela yobulungu lizothatha indawo yayo yonke imigomo nemibandela yobulungu be-Trust kusukela ngoSuku Lokuqala Lokusebenza. • Ibhukwana elisha lemigomo nemibandela yobulungu lizonikezwa mahhala kubo bonke abahlomuli abakhona abangamalunga . • Ungalilahli ibhuku lakho lobulungu ovele unalo njengoba lizoqhubeka nokusetshenziswa njengencwajana enamarisidi okukhokha lapho kuzorekhodwa khona wonke amarisidi. Incwadi yakho yobulungu ovele unayo izohlala isebenza maqondana nemininingwane equkethwe kuFomu le-MPP kanye/noma Ifomu le-AMPP; imininingwane yanoma yimaphi Amarisidi eLeeto la Moria; nemininingwane yanoma yiziphi izingane ezingabondliwa. • Lapho ibhuku lakho lobulungu elikhona seligcwele, noma lilahlekile, ibhukwana elisha lamarisidi ezinkokhelo lizohlinzekwa lapho kwenziwe inkokhelo yenani elivamile. • Lokhu kusho ukuthi, kusukela ngoSuku Lokuqalisa Ukusebenza uzoba namabhukwana amabili, nokuyilawa,– o ibhukwana lemigomo nemibandela yobulungu obusha; kanye o nebhukwana lakho yobulungu elivele likhona, elizoqhubeka nokusetshenziswa njengencwajana enamarisidi okukhokha kuze kube yileso sikhathi lapho udinga ibhukwana elisha noma ibhukwana lamarisidi ezinkokhelo. Ungalutholaphi ulwazi olwengeziwe? Sicela uthinte isikhungo sezingcingo se-KIA lapha 0800 000 538 uma ufuna ulwazi oluthe xaxa mayelana neSicelo Esilethwe Enkantolo, uhlobo kanye nomthelela wezinguquko ezihlongozwayo nemibandela iPukwana ya Kganya inkontileka yomshwalense ezokhishwa ngabakwaSanlam. Ngaphezu kwalokho, sicela uqaphele ukuthi ikhophi yeSicelo Esilethwe Enkantolo, okubandakanya i-trust deed echitshiyelwe, ikhophi yebhukwana lemigomo nemibandela yobulungu, nemigomo nemibandela yenkontileka yomshwalense iPukwana ya Kganya, kuhambisana namanye amadokhumenti abalulekile, nazo zizotholakala ukuze zihlolwe esikhungweni sakwa-KIA sezinsizakalo esiseduze nawe kanye, kusizindalwazi se-KIA lapha www.mykganya.com. Imininingwane yezindawo okutholakala kuzo izikhungo zezinsizakalo zakwa-KIA ingatholakala lapha www.mykganya.com. Yesekwe ngabeZCC Ngicela uqaphele ukuthi mina: • ngiyazeseka izinguquko ku-Trust nezimiso ze-Trust; futhi • ngigunyaze ngokugcwele abakwaSanlam njengomqaphi wemihlomulo yomshwalense owenza isicelo kuwena ngokuhambisana nemigomo yesivumelwano senkontileka se- Pukwana ya Kganya. Bonke abahlomuli abangamalungu bangakhululeka bazi ukuthi imihlomulo njengamanje abayikezwa yi-Trust izohlala ivikelekile. Umhlonishwa uMbhishobhi uDkt B E Lekganyane Usuku: 28 / 02 / 2022

RkJQdWJsaXNoZXIy MTI4MTE=