2022 KBFT New Scheme Info Poster ISIZULU

B e n e f i t s F und T r u s t PUKWANA YA KGANYA ISAZISO ESIBALULEKILE SAMALUNGU E-KGANYA BENEFITS FUND TRUST ESIVELA KUMHLONISHWA UMBHISHOBHI OFANELEKILE UDR B E LEKGANYANE Njengelungu le-Kganya Benefits Fund Trust (" i-Trust ") elinegama elihle, amalungelo akho obulungu akunika ilungelo lokungcwatshwa ngendlela engabizi kakhulu, ikhava yesifo esesabekayo kanye nekhava yengozi engehlela umuntu siqu (“ imihlomulo ekhaviwe kumshwalense ”); kanye neminye imihlomulo efana nemihlomulo ye-Leeto la Moria, imihlomulo yokusizwa lapho udinga usizo emgaqweni, imihlomulo yokuphathwa komngcwabo kanye nemihlomulo yokuhlolwa kwempilo enhle (lapho kungamalungu ekomiti lebandla abangahlomuli) (" imihlomulo engakhaviwe kumshwalense "). Ngenxa yoshintsho emthethweni womshuwalense onomthelela endleleni i-Trust esebenza ngayo, i-Trust ayinakho engakwenza ngaphandle kokwenza izinguquko ezithile endleleni esebenza ngayo, ngokuchibiyela itayitela le-Trust, nokuchibiyela kanye/noma ichithe futhi ishintshe izimiso ezibekiwe yi-Trust (ngokudidiyelwe " izinguquko "). Lezi zinguquko zizothinta amalungelo akho obulungu. Sicela uvakashele ibandla lakho lasendaweni ukuze uyozilandela ipheshana elinemininingwane ebalulekile mayelana nezinguquko kumalungelo akho obulungu. Kufanele uzilandele leli pheshana ngaphambi komhlaka 6 Julayi 2022 . KAFUSHANE, ULWAZI OLULANDELAYO LUBALULEKILE: • Uma uyilungu le-Trust, uzohlala uyilungu le-Trust. • Uma ufaneleka njengelungu elingumhlomuli uzohlala uyilungu elingumhlomuli naphezu kwezinguquko, unelungelo lemihlomulo ye-Trust, inqobo nje uma wenza izinkokhelo zakho zobulungu zanyanga zonke . • Izinkokhelo zakho zanyanga zonke zobulungu zizohlala zinjalo futhi ngeke zishintshe noma zithinteke ngenxa yezinguquko. • Okwamanje, bonke abahlomuli abangamalungu bathola ikhava yomngcwabo, eyezifo ezesabekayo neyezehlakalo zezingozi kumuntu siqu ngamapholisi eqembu abhaliswe ngaphansi kweSanlam Developing Markets Limited (" Sanlam "). Ngenxa yezinguquko emthethweni womshu walense, i-Trust kanye ne-Sanlam angeke besakwazi ukuqhubeka namapholisi eqembu. • Ngakho-ke, i-Trust ngeke isahlinzeka kanye/noma ithole imihlomulo ekhaviwe kumshwalense ngamapholisi eqembu. Nokho, imihlomulo yakho ekhaviwe kumshwalense ngeke ilahleke uma izinguquko seziqalile ukusebenza . • Lapho izinguquko ziqala ukusebenza, okulandelayo kufanele kuqashelwe: o Njengelungu elingumhlomuli uzothola inkontileka yomshwalense wePukwana ya Kganya (noma iNkontileka yesivumelwano yeThari yaBaruti Pukwana ya Kganya lapho kungamalungu ekomiti abangabahlomuli), ngokudidiyelwe ebizwa ngokuthi " Inkontileka yomshwalense iPukwana ya Kganya ", engaphansi kwabakwa-Sanlam. Uzoba umnikazi wepholisi yakwa-Sanlam ngemihlomulo efanayo ekhaviwe kumshwalense owawutholwe yi-Trust ngokwemigomo yezinqubomgomo zeqembu . Abakwa-Sanlam benza isethembiso kuwe njengelungu elingumhlomuli ukuze ungene enkontilekeni yomshwalense wePukwana ya Kganya. o Izinguquko zizoshintsha kuphela indlela abahlomuli abangamalungu abazokwazi ngayo ukufinyelela emihlomulweni ekhaviwe umshwalense, okuyoba ngokufaka esikhundleni sayo imihlomulo enikezwayo ethokozelwayo njengamanje nge-Trust, ngokuthi i) ilungelo elinikezwe i-Trust lokukhokhwa kwamaphrimiyamu ngokwesivumelano somshwalense wePukwana ya Kganya; kanye (ii) nelungelo ngokumelene noSanlam ngokwesivumelwano somshwalense iPukwana ya Kganya lemihlomulo ekhaviwe kumshwalense. o Njengelungu elingumhlomuli, i-Trust izokhokhela amaphrimiyamu kwaSanlam inqobo nje uma ukhokhela izinkokhelo zakho zanyanga zonke zobulungu ku-Trust . Uma ungakhokhi izinkokhelo zakho zobulungu ku-Trust, i-Trust ngeke ikhokhe amaphrimiyamu kwa-Sanlam futhi imihlomulo yakho yomshwalense ebalulekile ingase yemukwe . o Ngokuthola inkontileka yomshwalense wePukwana ya Kganya, uma unesicelo sanoma yimiphi imihlomulo ekhaviwe kumshwalense, kufanele ufake isicelo kwabakwa-Sanlam. o Ngeke ube khona umehluko endleleni okusingathwa ngayo izicelo zemihlomulo ezifakwe kumshwalense. o I-Trust, kusukela ezinkokhelweni zakho zobulungu zanyanga zonke, izokwenza umnikelo kwabe-ZCC egameni lakho njengelungu elingumhlomuli. o I-Trust izoqhubeka nokuhlinzeka kanye/noma ukuthola ukufinyelela imihlomulo engakhaviwe umshwalense ngendlela efanayo ncamashi. UKUVUNYWA KWEZINGUQUKO • Ukuze kuqaliswe izinguquko, kudingeka kuchitshiyelwe itayitela le-Trust kanye nezimiso ze-Trust. Izinguquko kumele, nokho, zigunyazwe yiNkantolo ePhakeme yaseNingizimu Afrika (i-Gauteng Division, ePitoli). INkantolo ePhakeme izophinde icubungule isiphakamiso esenziwe iSanlam ngokwemigomo yesivumelwano somshwalense wePukwana ya Kganya, kanye nazo zonke ezinye izindaba eziphathelene nezinguquko. • Esicelweni Senkantolo, iNkantolo izocelwa ukuba iyalele ukuthi iSanlam igunyazwe ukukukhiphela ipholisi, futhi iSanlam yenze njalo • Abaphathiswa be-Trust bazofaka isicelo eNkantolo ePhakeme yaseNingizimu Afrika (Gauteng Division, Pretoria) ukuze kugunyazwe izinguquko (" Isicelo Senkantolo "). • Isicelo Senkantolo sikhishwe eNkantolo Ephakeme yaseNingizimu Afrika Gauteng Division, Pretoria, ngaphansi kwenombolo yecala ethi 62972/2021. • Uma ufuna ukuphikisana nezinguquko , ungakwenza lokho ngokufaka isaziso senhloso yokuphikisa eNkantolo ePhakeme yaseNingizimu Afrika (i-Gauteng Division, Pretoria) ngaphambi noma ngomhlaka 20 Julayi 2022. • Uma ufaka isaziso senhloso yokuphikisana neSicelo Senkantolo, isaziso kufanele futhi sihanjiswe kubameli babafakisicelo, i-Webber Wentzel ethi, 90 Rivonia Road, Sandton, 2196, noma nge-imeyili ebhekiswe ku- kganya@webberwentzel.com , ukuze ayithoe u-Z Swanepoel / D Prinsloo. • Esazisweni sakho senhloso yokuphikisa kufanele uqoke ikheli lapho ofuna ukuthola khona iposi uzobe ke usuthunyelelwa khona ezinye izaziso kanye nemibhalo esesicelweni seNkantolo, ikheli lelo okufanele libe endaweni engamakhilomitha ayi-15 ukusuka enkantolo (“iKheli”). • Uma ufaka isaziso senhloso yokuphikisa ngaphambi noma ngomhla zingama-20 kuJulayi 2022, kufanele ufake i-afidavithi yokuphendula zingakapheli izinsuku eziyi-15 zenkantolo (izinsuku zebhizinisi) ngemva kwalokho futhi uhambise ikhophi yayo kubameli bomfakisicelo. I-Webber Wentzel ngokwemininingwane engenhla. • Isicelo Senkantolo sizolalelwa mhla zi-3 ku-Agasti 2022, noma esimweni lapho wena uphikisana neSicelo Senkantolo, ngosuku oluyonqunywa iRejistri Yenkantolo Ephakeme. Abameli boMfakisicelo bazokwazisa ngalolu suku ngokuthumela isaziso sosuku eKhelini. • Uma ungasiphikisi Isicelo Senkantolo, akudingekile ukuba kube khona okwenzayo . ZIZOQALA NINI UKUSEBENZA IZINGUQUKO? • Uma iNkantolo Ephakeme isigunyaza Isicelo Senkantolo, izinguquko zizoqala ukusebenza kusukela ngomhlaka mhla lu-1 Januwari 2023 (" Usuku Lokuqala ukusebenza "). • Lokhu kusho ukuthi izinguquko ebulungwini bakho, kanye nesivumelwane somshwalense wePukwana ya Kganya, zizoqala ukusebenza kusukela Ngosuku Olubekiwe. UNGALUTHOLAPHI ULWAZI OLUTHE XAXA? • Vakashela iBandla langakini ukuze uthole ipheshana elinemininingwane ebalulekile. • Ungaphinda uthintane nesikhungo sezingcingo se-KIA ku-0800 000 538. • Ikhophi yesicelo seNkantolo, okubandakanya i-trust deed echitshiyelwe, ikhophi yebhukwana lemigomo nemibandela yobulungu, nemigomo nemibandela yenkontileka yomshwalense iPukwana ya Kganya, kuhambisana namanye amadokhumenti abalulekile, iyatholakala ukuze ihlolwe esikhungweni sesevisi se-KIA esiseduze nawe, imininingwane yaso ingatholakala lapha www.mykganya.com. Isicelo Senkantolo singatholakala nakusizindalwazi seKganya lapha www.mykganya.com . UKWESEKWA YI-ZCC Ngicela niqaphele ukuthi mina: • ngiyazeseka izinguquko ku-Trust kanye nezimiso nemigomo kwe-Trust; futhi • ngigunyaza ngokugcwele u-Sanlam njengomeseki wemihlomulo yomshwalense owenza isithembiso kuwe ngokwesivumelwano somshwalense we-Pukwana ya Kganya. Bonke abahlomuli abangamalungu bangahlala benesiqiniseko sokuthi imihlomulo abanikezwa yona yi-Trust njengamanje izohlala ivikelekile. Umhlonishwa Umbhishobhi Ofanelekile Umfundisi Dr B E Lekganyane

RkJQdWJsaXNoZXIy MTI4MTE=